UJ Press
Ukuhlaziywa Kwezinhlobo Zemibuzo-Mbumbulu Ezitholakala Ezinkondlweni Ezithize ZesiZulu
- Gcinile Beauty Thwala (author)
- Sibongile Mxwali (author)
Export Metadata
| Title | Ukuhlaziywa Kwezinhlobo Zemibuzo-Mbumbulu Ezitholakala Ezinkondlweni Ezithize ZesiZulu |
|---|---|
| DOI | https://doi.org/10.64449/9780639889832-03 |
| Landing page | https://ujonlinepress.uj.ac.za/index.php/ujp/catalog/book/282 |
| Publisher | UJ Press |
| Published on | 2025-10-07 |
| Long abstract | Indlela ababhali abasebenzisa ngayo ulimi uma bebhala imisebenzi yobuciko njengazo izinkondlo iyakwazi ukuveza ikhono lombhali. Umuntu nomuntu unendlela yakhe yokwenza izinto, lokhu kuphawulwa njengesitayela somuntu. Nemibhalo yesiZulu ilandela isitayela sababhali bayo. Umbhali uyena okhetha indlela azobhala ngayo. Injulalwazi ye-stayilistiki okusekelwe kuyo lolu cwaningo ikubeka kucace ukuthi umbhali ngamunye unendlela yakhe abhala ngayo nesu lakhe alisebenzisa emibhalweni yakhe ukudlulisa umlayezo wombhalo. Izifenqgo zingelinye lamasu asetshenziswa ngababhali bezinkondlo ukugqamisa bagcizelele umlayezo ezinkondlwenizabo. Usonkondlo ukhetha izifenqgo afisa ukuzisebenzisaenkondlweni yakhe bese egxila ekuzisebenziseni ngempumelelo. |
| Page range | pp. 43-62 |
